Zulu Love Letter

Ngiyakuthanda. Ukuba nginepeni nephepha ngabe ngihlezi phansi ngidansisa ipeni ngaphandle komculo ngikubhalela lenkondlo yothando (phecelezi i love poem).

Kondlo lena akuyona inkondlo. Lena into ephuma kimi uqobo. Ngoba inkondlo ikhuluma ngamaphupho necabango engasoze yafezeka nothando oluhambiselana nemigomo nemibandela. Manje mina angiluphuphi uthando lwami ngawe ngiyalwazi lukhona. Angicabangi ukuthi ngyakuthanda kodwa ngyazi ngyakuthanda ingakoke ngi
Ngeke ngiqambe amanga kuwe ngithi ngeke ngiphile ngaphandle kwakho, ngingaphile, ukuthi nje impilo ingaphileka kangcono nginawe.
Ngeke ngikuqambele amanga ngithi ayikho enye into engiyicabangayo ngaphandle kwakho ekubeni kukuningi okunye engikucabangayo, ukuthi nje imicabango enawe iyintokozo nenjabulo kimina.
Ngeke ngiqambe amanga ngithi akulaleki ngicabanga wena, ukuthi nje ngilala kangcono ngicabanga wena.
Ngeke ngiqamba amanga ngithi, ngendlela engikuthanda ngayo ngingatshela umhlaba wonke ngoba angeke ngikwenze lokho, kodwa umhlaba ozozibonela wona ukuthi ngiyakuthanda. Ngalokho futhi ngizishaya isifuba.

Empelini mina engizama ukukusho ukuthi ngyakuthanda. Uyihlolo nonyoko bazala ingelosi sekusele nje ungivezele lezimpiko ozifihlile.

Sthandwa sami ngiyakuthanda, angizenzisi, kodwa kusuka ngaphakathi kimi.

Ngaso sonke isikhathi wakhumbula la mazwi ami, ngiyakuthanda.